1. *Uma uphupha umbani;* wuphawu ngokwesintu oluvame ukubika ukuthi inhlanhla, nempumelelo nokuthi ungase ucebe ngokuhamba kwesikhathi. 2. *Uma uphupha umbani;* wuphawu olungabuye luchaze ukwehla nokufika kwenkazimulo kaNkulunkulu. Matthew 28:3 And his appearance was like lightning, and his clothing as white as snow. 3. *Uma uphupha umbani;* wuphawu olungabuye luchaze ubukhona bukaNkulunkulu emhlabeni ngaleso sikhathi. Psalm 97:4 His lightnings lit up the world; the earth saw and trembled. 4. *Uma uphupha umbani;* wuphawu olubi uma ukushaya noma ushaya omunye umuntu, luvame ukubika ulaka lukaNkulunkulu osuke uzobhekana nalo noma omunye umuntu azobhekana nalo ngenxa yeziphambeko. Psalm 78:48 He gave over their cattle also to the hailstones and their herds to bolts of lightning. Futhi *Uma uphupha umbani;* wuphawu olubi uma ukushaya noma ushaya omunye umuntu, ngokwesintu kubika ulaka lwabaphansi oluzayo.. 5. *Uma uphupha umbani;* wuphawu oluhle uma ukushaya abantu abamelene nawe, kusho ukuthi uNkulunkulu umkhuleko wakho uzwakele, sekubuya izimpendulo, nempindiselo kaNkulunkulu, uyakulwela, futhi uzozihlakaza aziqede zonke izitha zakho. Psalm 144:6 Flash forth lightning and scatter them; Send out Your arrows and confuse them. 6. *Uma uphupha umbani;* wuphawu olubi uma ukushaya noma umndeni wakho, olungabuye luchaze ukuthi uzobhekana nezivivinyo ezinzima nokulinga okukhulu esikhathini esizayo. Job 1:16 While he was still speaking, another also came and said, “The fire of God fell from heaven and burned up the sheep and the servants and consumed them, and I alone have escaped to tell you.” 7. *Uma uphupha umbani;* wuphawu kwesinye iskhathi oluyaye lubike ukwembathwa yisithunywa.
Пікірлер: 28