Sikhuluma nomlingisi osemnkantshubomvu uNkanyiso Mchunu odabuka eMbali ePietermaritzburg. UNkanyiso ungumlingisi osezakhele igama eNingizimu Afrika ngekhono lakhe lokulingisa. Kulesiqephu usilandisa ngempilo yakhe, ukukhula kwakhe ePMB ekhuliswa umawakhe engekho ubaba kanye nokuba umlingisi.
Uthi ngonyaka ka-2004 wahlaselwa isifo sokungaboni. UNkanyiso uthi ngesikhathi enza uGrade 10 ngo-Nhlolanja 2004 , wavuka engasaboni emehlweni. Wahamba odokotela kanye nabantu besizulu kodwa akasizakalanga ndawo. Kwahamba kwahamba kwazibuyela kodwa yikho ke ukuthi akasaboni kahle. Uthi ukungaboni kwahe kwayishintsha indlela abuka ngayo impilo, ingakho egqugquzela abantu ukuthi uma kunento ofisa ukuyenza, isona sikhathi manje ngoba awazi ukuthi ikusasa likuphatheleni.
Usixoxela ngothando lwakhe lwe-Theatre (umdlalo wasesiteji). "Into engiyifundile njengomlingisi ukuthi kumele ubenomqondo wengane ngoba ukulingisa kuyafana nomdlalo" kusho uNkanyiso. Uthi usifiso sakhe njengamanje ukubuyela kwaNdongaziyaduma ngoba ukholelwa ukuthi iTheatre iningi kakhulu khona ukunaseKZN.
Kulesiqephu siphinde sabheka ukuthi ikuphi esingakwenza ukuthuthukisa imboni yezokulingisa KwaZulu-Natali. Kuningi esikufunda kuNkanyiso kulengxoxo.
#UkhoziFM #NkanyisoMchunu
Негізгі бет Музыка Uma ungumthandi wemidlalo kamabonakude uyamazi uNkanyiso Mchunu ngamava akhe kwezika qedisizungu.
Пікірлер: 13